Bheka ukuthi ngabe yiyiphi inhlobo yesigunyaziso osidingayo ebese ugcwalisa ifomu elifanele.
izicelo zokukhishwa okunabile, kumele zihanjelwe phambili yimisebenzi ngaphansi kwesimo semvelo saseNingizimu Afrika kwisikhathi samasizini okutshala amathathu izicelo zokuqhubeka ngaphansi komsebenzi othile, ziyovunyelwa kuphela uma lowo msebenzi wawugunyaziwe ngesikhathi esedlule.
Khokhela imali ebekiwe okumele ikhokhelwe.
Fakela umbiko wemisebenzi yesikhathi esedlule.
Fakela ubufakazi benothisi kawonkewonke.
Ikomidi elelulekayo lihlola ulwazi lwesayense olufakelwe nesicelo ebese lenza isincomo ngokuphepha komsebenzi ohlongozwayo, lisenzele umkhandlu ophezulu.
Umbhalisi wamukela imibono kawonkewonke ngesikhathi esivunyelwe esifanele.
Umkhandlu ophezulu yenza isinqumo ngesicelo, ngokubonelela isicelo, isincomo sekomidi elelulekayo , imibono kawonkewonke kanye nomphumela ongaba khona kwimikhakha efana neyolimo, ezempilo, ezemvelo, ezemisebenzi, ezokuhweba, kanye nentuthuko yesayense netheknoloji.
Uma isinqumo somkhandlu ophezulu sivumelana nesicelo, umbhalisi ugunyaziwe ukukhipha imvume.
Umbhalisi ukhipha imvume efanele.
Zonke izimvume zihambisana nezimo zemikhawulo.
Izipikitela ezivela kwaboMnyango wezoLimo ziqapha ukulandelwa kwezimo zemvume.
